UNomakhwezi Ntshele, onguMxhumanisi weKomidi lezeMpilo esiShayamthetho saKwaZulu-Natali ugogode ngezifundo ze Master of Commerce in Leadership Studies eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngokuhlola indima yabesifazane ebuholini bendabuko KwaZulu-Natal.

Ukumelwa kwabesifazane ebuholini bendabuko kuseyindaba ephikiswayo KwaZulu-Natal, okunemibuzo yokuthi ngabe ukuba khona kwabo ngabe kusho ukubamba iqhaza okuphusile kanye negunya.

Ucwaningo lwakhe luthole ukuthi ukumeleleka kwabesifazane emikhandlwini yomdabu akusho ngaso sonke isikhathi ukuthola amandla okuthatha izinqumo kanti uhlela ukusebenzisa ulwazi lwakhe locwaningo nolwazi lobuholi ukuze akhuthaze ukufakwa kanye nokuziphendulela kwabesifazane.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.