Sebemi ngomumo abasiki bengqephu ukukhangisa kumbukiso weDurban Fashion Fair (DFF) ozobanjelwa esifundazweni sakwaZulu-Natal.

Ususemome oweDurban Fashion Fair (DFF) lapho abasiki bengqephu bezodlana imilala ngaphansi kwesiqubulo esithi “Where Legacy Lives” kuzogubhwa iminyaka eyishumi nanhlanu lwaqala loluhlelo. Abasiki bengqephu abalindeleke ukubonakala ababalelwa ku84 kwizinhlelo zezinsuku ezintathu ngo 6pm, 7pm, ngo8pm nango9pm. IDFF yalonyaka izoba zingu 16 kuya ku 18 Septemba eDurban Exhibition Centre nalapho kulindeleke uKwenzi Nkomo we-Indoni Fashion House […]

I-Durban Fashion Fair igubha iminyaka eyi-15 ngombukiso wezinsuku ezintathu

IDurban Fashion Fair (DFF) izogubha iminyaka eyi-15 yasungulwa ngombukiso omkhulu ozobanjelwa eDurban Exhibition Centre kusukela mhla ziyi-16 kuya ku-18 kuSepthemba 2026. Lo mbukiso wengqephu, ozobe uqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Where Legacy Lives”, uzohlanganisa abasiki bengqephu asebezakhele igama, abasafufusa kanye nabayingxenye yohlelo lokuqeqeshwa iDFF Class of 2026. Kulindeleke ukuthi abasiki bengqephu abangama-84 bakhangise ngemikhiqizo yabo kulezi zinsuku ezintathu.Kulaba kubalwa nabasiki bengqephu abasafufusa abangama-20 abaqeqeshwa ngaphansi kohlelo lweDFF Class of 2026. MHLA ZIYI-16 KUMANDULO Ngobusuku bokuvulwa kombukiso kuzobe kukhona iZeroTolerance, Dineo Khumalo, Karnation Clothing, Enhle Babes, Republic Menswear, Ntsasa Creation, Iqhosha, Carita Adams, Black Faces Apparel, Mphosh Brands, M Shade, Saneps, Nellie D Designs, ByArthur The Tailor, AZM Fashion, Thee Kings, EYC Couture, Zip Culture, Mnguni Empire, DiabloticOff-Ice Cotton neVialli Jeans. MHLA ZIYI-17 KUMANDULO Ngobusuku besibili kuzokhangiswa ngemikhiqizoyeKarnation Clothing, Mdimour, Dave & Gray, Leanne Mondon, Libo Creation, abaqeqeshwa beDFF Class of 2026, Precious Lulu, Jado Mjadu, Eagle […]

Mzansi Community Media & Creatives Awards 2026

Aseqalile ukutholakala amathikithi amaMzansi Community Media & Creative’s Awards zoba seLadyfair Theatre Conference Centre enkabeni yedolobha ngeSonto zingu 30 ku-August ngo 3pm. Kulomcimbi kuzoba kuklonyeliswa abenze kahle kumkhakha wezokuxhumana emphakathini kanti amathikithi abiza R150 umuntu emunye, R250 ababili bese kuthi abathathu bangazitholela wona ngo R350. Ngeminye imininingwane kungashayelwa ku 066 424 3017