UMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko NamaSiko usumemezeleukuthi sekungaqokwa abantu nezinhlangano abazongenelaImiklomelo Kazwelonke Yezobuciko NamaSiko (National Arts and Culture Awards – NACA) ka-2026, wanxusaabaculi, izikhungo zamasiko, izinhlangano zomkhakha, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi jikelele ukuthibathumele iziphakamiso zabo ngaphambi komnqamulajuquwale ngosi.
Le miklomelo, eqhutshwa ngaphansi kwendikimba ethi“Celebrating Our Nation’s Creative Excellence”(Sibungaza Ubungcweti Nobuhle Bobuciko Besizwe Sethu), ihlonipha abantu nezinhlangano ezibe negalelo elikhuluekuthuthukiseni imikhakha yezobuciko, amasiko kanyenamagugu aseNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko NamaSiko, uGayton McKenzie, unxuse abantu baseNingizimu Afrikaukuthi baqoke labo baculi nabadali bemisebenzi yobucikoabenze umehluko emiphakathini.
“INingizimu Afrika igcwele abantu abanamakhonoamangalisayo, kodwa lawo makhono awakwazi ukuhlonishwauma kungekho muntu obaqokayo. Ningacabangi ukuthikukhona omunye ozokwenza lokho. Uma wazi umculi, umdlali wasesiteji, umbhali, umenzi wamafilimu nomaomunye osebenza emkhakheni wezamasiko owenzeumehluko, mqoke namuhla,” kusho uMcKenzie.
IPhini likaNgqongqoshe, uPeace Mabe, nalo likhuthazebonke abasebenza emkhakheni wezobuciko namasiko ukuthibabambe iqhaza kulolu hlelo.
“Imiklomelo Kazwelonke Yezobuciko NamaSiko ingeyawowonke umkhakha wobuciko. Sikhuthaza abantu ngabanye, imiphakathi, izikhungo kanye nabaholi bemboni ukuthibaqoke labo umsebenzi wabo ogcina amagugu ethu ephila, uguqula izimpilo futhi uqinisa ikusasa lamasiko aseNingizimuAfrika,” kusho uMabe.
Zonke iziphakamiso kufanele zithunyelwe nge-NACA Digital Portal esemthethweni kungakedluli ihora lika-23:59 mhlaziyi-19 Julayi 2026. Izicelo ezizofika ngemuvakomnqamulajuqu ngeke zamukelwe.
Imigomo yokuqoka, izigaba zemiklomelo kanye nezidingozokufaneleka ziyatholakala kule ngosi esemthethweni ye-NACA.
Umcimbi wokuklomelisa uzoba mhla zingama-21 Agasti 2026