Umshwibi wama-Proteas Men u-Ottneil Baartman ukhishiwe kuchungechunge lwemidlalo emithathu ye-Dafabet One-Day International (ODI) abazoyidlala ne-Australia ngenxa yokulimala umsipha kwesokunxele.

U-Baartman uthole ukulimala ngesikhathi edlalela i-Hollywoodbets Dolphins kumdlalo wabo wokuvula we-1st Class Series bebhekene ne-Momentum Multiply Titans ekuqaleni kwaleli sonto.

Uzophinde ahlolwe ngodokotela namaDolphin ukuze kutholakale ukuthi useluleme kangakanani futhi abuye azodlala isikhathi esibekelwe sona. I-all rounder yamaTitans, uDuan Jansen uqanjwe njengongena esikhundleni sakhe.

Leliqembu lizohlangana eThekwini ngalo Mgqibelo mhla ziyi-19 kuSepthemba lapho amaProteas ezolungiselela ukubhekana ne-Australia ku-1st ODI eHollywoodbets Kingsmead Stadium mhla zingama-24 kuSepthemba umdlalo ozoqala ngo-10 ekuseni.

Uhla lwemidlalo yeDafabet ODI yamaProteas ne Australia

1st ODI:
NgoLwesine, 24 September ngo-10am eHollywoodbets Kingsmead Stadium, Durban.

2nd ODI (Pink Day):
NgeSonto, 27 September ngo-10:00 e-DP World Wanderers Stadium, eGoli.

3rd ODI:
NgoLwesithathu, 30 Septhemba ngo-13:30 e-NWC Oval, e-Potchefsroom.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.