Ususemome oweDurban Fashion Fair (DFF) lapho abasiki bengqephu bezodlana imilala ngaphansi kwesiqubulo esithi “Where Legacy Lives” kuzogubhwa iminyaka eyishumi nanhlanu lwaqala loluhlelo.

Abasiki bengqephu abalindeleke ukubonakala ababalelwa ku84 kwizinhlelo zezinsuku ezintathu ngo 6pm, 7pm, ngo8pm nango9pm.

IDFF yalonyaka izoba zingu 16 kuya ku 18 Septemba eDurban Exhibition Centre nalapho kulindeleke uKwenzi Nkomo we-Indoni Fashion House waqala ukukhangisa ngonyaka ka 2014. Lomthungi useke wakhangisa phesheya kwezilwandle okubalwa kwi-Ethiopia Fashion Week nakwiPure London.

Kamuva ubekhangisa kwi-Uganda International Fashion Week. Kuyimanje uthungela izitolo zengqephu eGoli, eKapa naseThekwini kanti wanqoba isicoco seDFF Designer of the Year ngonyaka ka2022.

Ephawula uNkomo, uthe:”Isiqubulo singena khaxa kuloluhambo. Sizobe sibungaza umthelela esiwushiya ngemuva ngokomsebenzi wethu. Lokhu kumayelana nokuvikela isiko lethu, ukukhuthaza izizukulwane ezizayo zamaciko kanye nokwakha uphawu oluzoqhubeka lukhuthaze abantu eminyakeni e zayo.”

Omunye olindelekile kubalwa uMxolisi Mkhize we House of Saint Luke noseke wanqoba kabili kuloluhlelo kwiDFF Best Menswear Collection nokuklonyeliswa ngokubamba iqhaza kulomkhangiso iminyaka engaphezu kweyi 10 kanti useke wakhangisa eCôte d’Ivoire.

UZama Gumede weZaviar Fashion House owanqoba isicoco seDurban Designer of The Year ka 2019 nophinde abe ngomunye wabasunguli be The Fifth eGlenwood Village ubonge iDFF ngokumupha ithuba ukukhangisa ingqephu yakhe yokuqala, ukuya phesheya kwezilwandle, ukuxhumana nabathengi kanye nokwakha amakhasimende athi yena.

Amathikithi abiza R120 uhlelo lulunye, R250 izinhlelo zisuka kolulodwa kanti elezinsuku ezintathu Libiza R500.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.