Wenze ucwaningo ngokuhlola indima ya besifazane ebuholini bendabuko

UNomakhwezi Ntshele, onguMxhumanisi weKomidi lezeMpilo esiShayamthetho saKwaZulu-Natali ugogode ngezifundo ze Master of Commerce in Leadership Studies eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngokuhlola indima yabesifazane ebuholini bendabuko KwaZulu-Natal. Ukumelwa kwabesifazane ebuholini bendabuko kuseyindaba ephikiswayo KwaZulu-Natal, okunemibuzo yokuthi ngabe ukuba khona kwabo ngabe kusho ukubamba iqhaza okuphusile kanye negunya. Ucwaningo lwakhe luthole ukuthi ukumeleleka kwabesifazane emikhandlwini yomdabu akusho ngaso […]

Inkulu indima Edlalwa abahlengikazi empilweni yeziguli ezibhedlela

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali, uNomagugu Simelane, uthe lesisiFundazwe siyabadinga abahlengikazi ngoba babalulekile kakhulu kwezeMpilo ngakusho emcimbini wokugogoda kwabahlengikazi obusePietermaritzburg. USimelane uthe abahlengikazi bazobamba iqhaza elibalulekile ekwenziweni kabusha kwi Primary Health Care okubalwa namathimba kaMasipala asemawadini kanye namanye amathimba asemphakathini. Kulomcimbi kugogode abafundi abangama -550 abaphothule ngempumelelo izifundo zabo okubalwa abayi-171 abathweswe iziqu zeDiploma in Nursing, abayi-343 […]