UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali, uNomagugu Simelane, uthe lesisiFundazwe siyabadinga abahlengikazi ngoba babalulekile kakhulu kwezeMpilo ngakusho emcimbini wokugogoda kwabahlengikazi obusePietermaritzburg.
USimelane uthe abahlengikazi bazobamba iqhaza elibalulekile ekwenziweni kabusha kwi Primary Health Care okubalwa namathimba kaMasipala asemawadini kanye namanye amathimba asemphakathini.
Kulomcimbi kugogode abafundi abangama -550 abaphothule ngempumelelo izifundo zabo okubalwa abayi-171 abathweswe iziqu zeDiploma in Nursing, abayi-343 abathole iziqu ze-Advanced Diploma in Midwifery, abangama -36 abaphothule i-Higher Certificate in Emergency Medical Care abazoba Abasizi Bezimo Eziphuthumayo (Emergency Care Assistants).



