Osomabhizinisi abakhelene neTheku bangaphezu kowama 25 bathole ithuba lokukhangisa ngemikhiqizo yabo ngenkathi kuvulwa iGalleria Heritage Pop-Up Market eGalleria Mall mhlaka1 kuSeptember.
Lelithuba linikezwe osomabhizinisi ukukhangisa ngemikhiqizo yabo nokwenziwe ku Ground Floor Walkway, Lokukhangisa kuzoqhubeka inyanga yonke kaSeptember, lapha bekubonakala izimpahla zesintu okubalwa imigexo, obhasikidi abalukiwe, imvunulo yesintu, imikhiqizo yesikhumba ubuhlalu, izikhwama, izicathulo neminye imikhiqizo eyenziwe osomabhizinisi bendawo.
Le makethe ivulwa njalo ekuseni ngo 9 ivalwe ngo 7 kusihlwa njalo ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo. NgeSonto nangamaholidi ivulwa ngo9 ekuseni ivalwe ngo 5 ntambama.




