UDkt Manyane Makua oyiSenior Director kwiLearning and Teaching Development Centre (LTDC) eMangosuthu University of Technology (MUT) ukhumbule uMnuz Cebo Nyondo njengomuntu obambe iqhaza elibalulekile kwintuthuko nekusasa lale nyuvesi
UKUSHONA kukaCebo Nyondo, obengomunye wabasebenzi ababalulekile eMangosuthu University of Technology (MUT), kushiye ozakwabo, abaphathi kanye nabangani bekhungathekile, kuchazwa impilo yakhe njengaleyo egcwele ukwethembeka, ukusebenza ngokuzikhandla nobuholi.
UDkt Manyane Makua, oyiSenior Director kwiLearning and Teaching Development Centre (LTDC), ukhulume ngobuhlungu obukhulu ngesikhathi ethula inkulumo yesikhumbuzo sikaNyondo, echaza ukuthi ukushona kwakhe kungazelelwe kumshiye engakholwa futhi ekhungathekile.
UMakua uthe ubudlelwano bakhe noNyondo baqala ngo-2013 ngesikhathi uNyondo engena ngaphansi kweLTDC njengomunye wabokuqala ukusebenza njenge-eLearning Specialist. Uthe kusukela ekuqaleni bobabili bakha ubudlelwano obuqinile obabususelwa ekwethembaneni nasekusebenzeni kanzima.
“Ngathi ngithola ucingo lokungazelelwe lokushona kwakhe, yonke into emhlabeni wami yema. Engakwenza kuqala kwaba ukungakukholwa. Ngaze ngamushayela ocingweni lwakhe, nginethemba lokuthi uzophendula bese ethi lezi zindaba azilona iqiniso,” kusho uMakua.
Ukhumbule nesikhathi lapho uNyondo athola khona umsebenzi kwenye inyuvesi, kodwa yena wamncenga ukuba angashiyi iMUT.
“Ngamutshela ngokusobala ukuthi akayi ndawo, futhi ngakwazi ukumugcina. Angikaze ngiqonde ngokuphelele ukuthi sasibophelene kangakanani kwaze kwaba manje. Ukushona kwakhe kungidabule inhliziyo,” kusho yena.
NgokukaMakua, uNyondo wakhuphuka ezikhundleni ngenxa yokuzinikela kwakhe emsebenzini, wagcina esenguDeputy Director, lapho ayebhekele khona ukuqondisa nokweluleka abasebenzi.
Uthe uNyondo wayengumuntu obalulekile kwiMUT, kwiLTDC nasempilweni yakhe uqobo, echaza ukuthi cishe zonke izinsuku wayedlula ehhovisi lakhe ukuze ambuze ukuthi unjani, ahambe naye emihlanganweni noma amphelezele aye emotweni.
“Wayeyinsika yamandla eMUT, kwiLTDC nakimi uqobo. Wayengumuntu wokuqala engangiphendukela kuye uma ingcindezi isinkulu. Wayengivikela ngingekho futhi engazange avumele amahlebezi nokwehlukana kusihlukanise,” kusho uMakua.
Uphinde wagqamisa iqhaza likaNyondo ekuhleleni nasekuqhubekiseni izinhlelo ezibalulekile zezemfundo, ethi wayengamandla amakhulu ngemuva kweNational Focus Conferences futhi engumqambi weTeaching with Technology Summit.
UMakua uthe lezi zinhlelo zizohlala ziyingxenye yefa likaNyondo futhi zizoqhubeka zikhunjulwa ngenhlonipho nangokuziqhenya.
Ngaphandle komsebenzi, uNyondo ubaziwa nangobuntu bakhe kanye namahlaya ayenza ubudlelwano phakathi kozakwabo bube lula. UMakua ukhumbule izikhathi zokuhleka, ikakhulukazi amahlaya, kanye nezikhathi lapho uNyondo ayemkhumbuza khona ukuthi isikhathi siyahamba.
Ekhuluma ngefa alishiyile, uMakua uphikise umbono wokuthi impilo ingagcina ingenayo incazelo, wathi impilo kaNyondo ibonakale ngokuthinta izimpilo zabanye nokushiya uphawu oluqinile.
Uthe isikhathi esiphakathi kosuku umuntu azalwa ngalo nosuku ashona ngalo singafaniswa nophawu oluncane phakathi kwezinsuku ezimbili, kodwa lolo phawu lumele impilo, uthando nefa umuntu alishiyayo.
“UCebo wagcwalisa lolo phawu ngenhlonipho, ngobuhle bomsebenzi nangokwethembeka okungantengantengi,” kusho uMakua.
UMakua uphethe inkulumo yakhe ngamazwi othando nawokuvalelisa, echaza uNyondo ngokuthi ubengumfowabo, uzakwabo, umngani nendodana.
“Sengathi umphefumulo wakho ungalala ngokuthula okuphakade, futhi umndeni wakho kanye nathi sonke singathola induduzo efeni elicebile osishiyele lona,” kusho uMakua.

UDkt Manyane Makua oyiSenior Director kwi Learning and Teaching Development Center (LTDC) eMangosuthu University of Technology (MUT)

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.