UNgqongqoshe wezeMfundo esemaZingeni aPhakeme, uButi Manamela utheleke engalindelwe eKZN Coastal TVET College kwaBB eMlazi nokungokwesithathu evakashela amaTVET kusukela ngesonto elidlule.

UManamela wenza lokhu ukuqinisekisa ukuthi lamakolishi amTVET ayazifeza izinjongo zawo ezibalulekile kwazise kuqalwa uhlelo lokuguquka kokuthuthukiswa kwamakhono nathe loluhlelo luyinto ebaluleke kakhulu ukuthi lamakolishi abe yingxenye yalo ukuze luphumelele.

Kungekudala uManamela ubehambele eCentral Johannesburg TVET College eseGauteng kanye naseHlanzeni TVET College kwisikhungo saseMbombela eMpumalanga enza uhlelo olufanayo

Ephawula ngaloluhambo uManamela, uthe:”Siphakathi noshintsho olukhulu nolunezingqinamba okubalwa ukuqondisisa kwabafundi ngabazokwenza uma bephuma lapha.”

Uthe lokhu kuwukuguqula isystem yonke nalapho kuqala abafundi bebehlala ekilasini isikhathi esikaliwe bese beya kokwenza umsebenzi nakhona ngesikhathi esikaliwe ngaphambi kokuba baphothule ngokusemthethweni izifundo zabo.

Kulomsebenzi abebewenza bebezifunela bona ngokwabo izikhala nobekunezingqinamba kwabanye abafundi ngoba bagcina bengakwazanga ukuthola izikhala zomsebenzi nabagcine bengaphothulanga izifundo zabo.

Uthe kuhlelo abaphakathi nalo abafundi benza okubizwa ngama workshop nalapho uhulumeni nangeke akhokhele ukufunda ekilasini kuphela kepha ngakuma workshop lapho besebenza khona.

“Lolushintsho lusho ukuthi kumele siqaphe ukuthi sinazo zonke yini izinsiza nokulalela othisha nabafundi okungabantu abanganakeki uma kuvakashelwa lamakolishi nokuyinjongo yethu ukuxoxa nabo. Sisazoqhubeka nokwenza loluhambo olungahleliwe,” kubeka uManamela.

Uthe lesisikhungo sesiqalile nalolushintsho nokuvikela imibuzo eminingi othisha ukuthi ingabe imisebenzi yabo isaphephile yini, abafundi ukuthi bazokwazi yini ukuthola imisebenzi ngeziqu zabo abazozithola, nabaphathi bezikhungo abakhathazekile ngesibalo sabafundi.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.