Osomabhizinisi abasebasha bathole ithuba lokusebenzisana neMr Price Foundation
IMR Price Foundation isiphinde yagcizelela ukuzibophezela kwayo ekusimamiseni abantu besifazane ngokunikeza osomabhizinisi abasebasha abathathu ithuba lokusebenzisana nayo kwiFoundation Coffee Incubator.
Laba, ababe ngabokuqala ukungena kulolu hlelo, uMatshidiso Mack, Noxolo Molefe noZandile Tibane. Bakhethwe ngemuva komncintiswano wokufaka izicelo, kanti baqale ukuqhuba izindawo zabo zokuthengisa i-coffee ezitolo zakwaMr Price Home ekuqaleni kwale nyanga.
UMack uzophatha indawo ye-coffee eMr Price Home Diep River, eKapa, uMolefe yena useMr Price Home Hillcrest, eThekwini, kanti uTibane useMr Price Home Nelspruit Crossing, eMbombela.
Lolu hlelo lubanikeza ithuba lokufunda ngokusebenza kwebhizinisi ngokwenza umsebenzi wangempela endaweni yokudayisa. Imisebenzi yabo ihlanganisa ukwamukela amakhasimende, ukuphatha umsebenzi wansuku zonke, ukulawula isitoko kanye nokuphatha izimali, kanti imali abayiholayo ixhumene nokusebenza kwamabhizinisi abo.
UDuduzile Mathabela onguMphathi woHlelo lokuThuthukiswa koSomabhizinisi eMr Price Foundation, uthe lolu hlelo luhlose ukusiza osomabhizinisi abasebasha ukuthi bathole amakhono nolwazi oludingekayo ukuze bakwazi ukusebenzisa amathuba akhona embonini ye-coffee ekhula eNingizimu Africa.
“Inhloso yethu ngeFoundation Coffee Incubator ukwakha isizukulwane sosomabhizinisi abaqonda kahle ibhizinisi le-coffee, abanamava okusebenzisana namakhasimende futhi abakwazi ukuguqula ukukhula komnotho we-coffee eNingizimu Africa kube ngamabhizinisi nemisebenzi yokuziphilisa esimeme,” kusho uMathabela.
UMack usebenza njengochwepheshe obhekene nezikhalo zamakhasimende futhi ungumsunguli weBosire Brew Coffee Specialists, ibhizinisi elihlinzeka ngoqeqesho nokwelulekwa kwezindaba ze-coffee. Uphinde abe nebhizinisi iLaundryMack elihlinzeka ngezinsiza zokunakekela izingubo.
UMolefe waseThekwini unguMeluleki wezoLimo futhi ungumnikazi webhizinisi le-coffee elihambayo iKoffee Lam’. Uthe lolu hlelo luzomsiza ukuthi ajulise ulwazi lwakhe ngomkhakha we-coffee futhi athuthukise ukuqonda kwakhe ngezinselelo namathuba akhona ebhizinisini.
UTibane ongumeluleki wezabasebenzi waseMbombela, naye unebhizinisi le-bar elihambayo. Ubona lolu hlelo njengethuba lokusebenzisa ukuqeqeshwa, ukuqondiswa kanye nokwesekwa ekusebenzeni ukuze akhe ibhizinisi elisimeme ngokuhamba kwesikhathi.
Lolu hlelo luza ngesikhathi kusabhekene nezinselelo ezinkulu zokutholakala kwamathuba omnotho kubantu abasha nabesifazane. Ucwaningo lweGlobal Entrepreneurship Monitor olucashunwe yiFoundation lukhombisa ukuthi u-66% wabesifazane bakuleli bakholelwa ukuthi banamandla okuqala ibhizinisi, kodwa amabhizinisi amancane angu-38% kuphela aphethwe futhi aholwa ngabesifazane.
Ukutholakala kwezimali kusalokhu kuyisithiyo esikhulu kosomabhizinisi abaningi, kanti abaningi baswela amakhasimende, ingqalasizinda kanye nolwazi lokusebenza ebhizinisini langempela.
“Okuntuleka kakhulu kosomabhizinisi abasafufusa ukufinyelela kumakhasimende angempela, umkhiqizo osezingeni kanye nengqalasizinda yezohwebo abangayisebenzisa ukukhulisa amabhizinisi wabo. Laba besifazane abangeni ohlelweni oluwumdlalo noma isilingo, benza ibhizinisi endaweni yangempela yokudayisa eyaziwa kakhulu ezweni,” kusho uMathabela.
IFoundation Coffee ibiyingxenye yomsebenzi weMr Price Foundation kusukela ngo-2019. I-coffee layo litholakala ngendlela ebhekelela izimiso zokuziphatha futhi ligazingwa lapha eNingizimu Africa ngamaqoqo amancane nguCraig Charity, owake waba ngumpetha kazwelonke wama-barista, osebenza neLineage Coffee.
Iqoqo lokuqala leFoundation Coffee Incubator liyingxenye yenhloso enkulu yeMr Price Foundation yokusiza abantu abasha baseNingizimu Africa abangu-500 000 ukuthi bathole ukuzimela nokuzinza kwezomnotho ngo-2035.
KuMack, Molefe noTibane, lolu hambo selusuke ekufundeni lwangena ekusebenzeni kwebhizinisi langempela, lapho ngamunye wabo ezama ukwakha ikusasa lebhizinisi lakhe ngamakhasimende nangenkomishi ye-coffee eyodwa ngesikhathi.