Injabulo kubantu besifazane basezindaweni ezehlukene zaseThekwini behlomula kolukaMasipala weTheku olubhekelela ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane
UKUSIMAMA kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane eThekwini kuthole umfutho omkhulu ngemuva kokutshalwa kuka-R1 million wezinsizakusebenza ezizokwenza kube lula ukuthi osomabhizinisi badlondlobalise amabhizinisi wabo ukuze kuzodaleka imisebenzi.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi seNgqungquthela yaBesifazane kwezamaBhizinisi ebiseThe Station, ngaphansi kwendikimba ethi “Ukusuka Ekusindeni Kuya Ekukhuleni: Ukuvula Amathuba Amabhizinisi Aphethwe Ngabesifazane”.
Le ngqungquthela iholwe uNgqongqoshe wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane uNks Stella Ndabeni. Ibihlanganise osomabhizinisi besifazane, abezinhlaka zikahulumeni, izikhungo zentuthuko, ochwepheshe bamabhizinisi kanye nabanye ababambiqhaza ukuze kuxazululwe izithiyo ezisavimba ukukhula kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane, okuhlanganisa ukufinyelela kwezimali, izimakethe, amathuba ebhizinisi, izinkundla zokuxhumana kanye nezimpahla zokusebenza.
Lokhu kunikezelwa kwezimpahla kuyingxenye yohlelo lokuthuthukiswa kwamabhizinisi asemnothweni ongavikelekile ngenhloso yokusiza amabhizinisi ukuthi asuke ekusindeni aye ekukhuleni okusimeme, okuhlala isikhathi eside.
UNdabeni uthe ukunikeza abesifazane izimpahla zokukhiqiza kubalulekile ukuze kuthuthukiswe ikhono labo lokukhulisa amabhizinisi futhi babe negalelo elibonakalayo emnothweni.
“Ukusekela osomabhizinisi besifazane ngezimpahla zokukhiqiza kumayelana nokungaphezu kokuhlinzeka ngempahla. Kumayelana nokuthuthukisa umkhiqizo, ukuqinisa ikhono labo lokuhlangabezana nezidingo, ukudala imisebenzi kanye nokwakha amabhizinisi asimeme. Uma abesifazane benezinsiza zokukhula, baba kwisimo esingcono sokubamba iqhaza ngempumelelo emnothweni, ukusekela imindeni yabo kanye nokudala amathuba emiphakathini ,” kusho uNdabeni.
Kwinkulumo yakhe yokwamukela, oyiMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, uthe uhulumeni kufanele adale isimo lapho amabhizinisi aphethwe ngabesifazane ekwazi ukudlula isigaba sokusinda futhi abambe iqhaza ngokugcwele ekukhuleni komnotho.
“Amabhizinisi amaningi aphethwe ngabesifazane asabambekile emjikelezweni. Abesifazane banekhono, ukuqina kanye nomdlandla, kodwa basabhekene nezithiyo zezimali, izimakethe, izimpahla zokukhiqiza kanye nobuchwepheshe. Kumele sivumele ukukhula kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane asimeme futhi akhula kuyo yonke imikhakha, kuhlanganise nezimboni ebezikhethekile,” kusho uXaba.
Abahlomulile bathole izimpahla ezihambisana namabhizinisi abo futhi basebenza emikhakheni ehlukene, okuhlanganisa ubuhle nezinwele, ukupheka, ukukhiqizwa kokudla, izingubo, ezokwakha, ukubaza, ukulungisa izihlalo, ukuhlanza, ukuthunga, ifenisha, ezolimo, izinkukhu, ukugaywa kabusha kwemfucuza, ezokusakaza, ukushicilela, izikhumba, ukuhlanza izimpahla, ukulungisa kanye nokuvuselela.
Phakathi kwabahlomulile kukhona usomabhizinisi oneminyaka engu-27 uNks Mandisa Gwexa waseMariannhill, obambe iqhaza njengomhlanganyeli futhi wathola izimpahla zokusekela i-salon yakhe yobuhle, i-Nailed It.
“Uhambo lwami lwaqala ngokwesekwa ngumasipala ngo-2021, okwanginika ithuba lokwakha nokuqinisa ibhizinisi. Ukuthola ukwesekwa nguhulumeni kukhombisa ukuthi kungenzekani uma ukungenelela kuhlangana nosomabhizinisi ezigabeni ezahlukene zohambo lwabo. Lezi zimpahla zizosiza ukukhulisa ibhizinisi lami, ukusiza amakhasimende amaningi kanye nokudala amathuba kwabanye. Ngifuna futhi ukusebenzisa ulwazi namakhono ami ukuqeqesha nokuhlomisa abanye besifazane ngamakhono angabasiza ukuthi bazimele ngokwezomnotho,” kusho uGwexa.


