Uphiko lwamaphoyisa kaMasipala weTheku selukhiphe isitatimende ukwazisa abashayeli bezimoto ngokuvalwa nokuvinjwa kwemigwaqo ngeSonto zingu 06 September 2026, ngenxa ye-Iqembu Cycle Challenge.
Abashayeli bezimoto bayelulekwa ukuba bahlele uhambo lwabo, basebenzise eminye imizila lapho kungenzeka khona futhi bavumele isikhathi sohambo esengeziwe.
Imigwaqo ezothinteka:
- Umgwaqo uRuth First Highway obheke eNyakatho kuSandile Thusi Road uzovalwa. Akukho zimoto ezizovunyelwa ukuya enyakatho ku-Ruth First Highway.
- Umgwaqo uRuth First Highway oya eNyakatho ku-Isaiah Ntshangase Road uzovalwa. Akukho zimoto ezizovunyelwa zibheke ku-Isaiah Ntshangase Road.
- Isaiah Ntshangase Road – Country Club Exit Road uma ubheke ku Ruth First Highway uzovalwa. Ukuhamba kwezimoto kuzojikiswa entshonalanga emgwaqeni u-Isaiah Ntshangase.
- U-Athlone Drive ongenela ku-Ruth First Highway Northbound uzovalwa. Akukho zimoto ezizovunyelwa ukuya ngasenyakatho ku-Ruth First Highway.
- Umzila wesokunxele kumgwaqo uSandile Thusi obheke eMpumalanga phakathi kukaMasabalala Yengwa Avenue noRuth First Highway uzovulelwa amabhayisikili kuphela.
- Umzila wesokunxele kuMasabalala Yengwa Avenue oseNingizimu phakathi komgwaqo u-Isaiah Ntshangase kanye noSandile Thusi uzovulelwa abamabhayisikili kuphela.
- Umzila ka-Stalwart Simelane Street Northbound ngaphambi kwa-Ruth First Highway uzoncishiswa.
Amaphoyisa kaMasipala weTheku azotshalwa ukuze asize ngokulawula izimoto nokuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli bamabhayisikili nabashayeli bezimoto. Kunxuswa abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela, balandele imiyalelo yamaphoyisa omgwaqo futhi bahloniphe zonke izimpawu zomgwaqo zesikhashana.

