UMasipala weTheku wazisa abashayeli nezakhamuzi ngezikhukhula ezenzeke ku-N3 Eastbound ngaphambi kwebhuloho laseTollgate kulandela izimvula ezinamandla namuhla.
Kumanje imizila emithathu ivaliwe ngenxa yokugcwala kwamanzi emgwaqeni onguthelawayeka. Abezimo eziphuthumayo kanye namaphoyisa kaMasipala asendaweni elawula ukuhamba kwezimoto.
Abashayeli bezimoto abahamba bengenela kwi Durban CBD bayaxwayiswa kakhulu ukuba basebenzise eminye imizila, babekezele kakhulu futhi bavumele ukubambezeleka kohambo lwabo
Abakwa-South African Weather Service (SAWS) baxwayisa ngokuduma kwezulu okunamandla okusazolokhu kuqhubeka isiFundazwe sonke saKwaZulu-Natali, okubalwa neTheku.
Izakhamuzi zixwayiswa ukuthi izimvula ezinamandla, imimoya elimazayo, ukuduma kwezulu kanye nezikhukhula kusangenzeka usuku lonke.
Amathimba abhekele izimo eziphuthumayo kaMasipala ahlezi eqaphile futhi aqaphe kakhulu izindawo eziphansi, imijondolo, kanye noxhaxha lwemigwaqo emikhulu ejwayele ukuba nezigameko ezihlobene nesimo sezulu.
