IMeya yaKwaDukuza, uSiduduzo Gumede, isisayine isifungo sobuqotho bomasipala, ibophezela wonke amakhansela kanye nabaphathi ukuthi balethe ngezindinganiso eziphakeme zokuziphatha, bangayibekezeleli nhlobo inkohlakalo kanye nokuphatha budedengu.


UMnguni usayine lesi sithembiso ehambisana nosihlalo bamakomiti azimele, uSomlomo womkhandlu, uSotswebhu womkhandlu kanye neBamba leMenenja kaMasipala phambi komhlangano.


IMeya ichaze lo mcimbi oyingqophamlando njengesikhathi esichazayo kulesi sikhathi samanje sokuphatha. Enkulumweni yakhe uGumede uthe lokhu ukuthatha njengesinye sezikhathi ezibalulekile okuwukusayinwa kweSifungo Sokubusa Okuhle kukamasipala ebonga uSomlomo woMkhandlu ngalelithuba.


“Lomcimbi uyisibophezelo kubantu bakithi njengoba siqonda kahle ukuthi yini elindeleke kuthina njengezethenjwa emphakathini,” kubeka uGumede.


Uthe nyakenye ngenkathi ethatha izintambo zobumeya wazibophezela ekuqinisekiseni ukuthi izifungo zobuqotho zenziwa nemigomo ecacile yobuholi ebophezela w onke amakhansela, izimenenja eziphezulu nezinhlaka zangaphandle kube sezingeni elifanayo.


“Namhla, siyakufezekisa lokho njengengxenye yohlelo lweTurnaround Service Delivery Improvement lapho ubuholi obuqotho buyisisekelo sokulethwa kwezidingo ngendlela enempumelelo, ubuqotho kanye nokuthenjwa umphakathi,” kubeka uGumede.


Uthe ngalesisifungo bayazibophezela ukubona nakubantu ukuhola ngobuqotho nokungayibekezeleli inkohlakalo, ukungaphathi kahle kanye nokungqubuzana kwezinhloso zenzuzo.


Uthe bazibophezela ekuziphenduleni, ekuvulelekeni, ekuphakamiseni umthetho, nokubeka phambili izidingo zomphakathi ethi ubuqotho buvela kwizinqumo ezithathwa lapho kungekho umuntu obhekile ngakho-ke uma bebheke ekwakheni umbuso onozinzo, ubuholi obunesimilo bufanele bube insika.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.