UMasipala weTheku usukhiphe isitatimende uzwakalisa ukushaqeka ngemuva kokuzwa ngokudlula emhlabeni kukaKhansela Mandla Biyela obeyikhansela kuWadi 110.

UBiyela, obemele iqembu loMkhonto WeSizwe, udlule emhlabeni kulandela ukugula isikhashana ngoLwesithathu mhlaka-16 Septhemba 2026. Uke wasebenza eMkhandlwini kusukela anqoba ukhetho lokuchibiyela ngo-April 2025.

Ephawula onguSomlomo kuMasipala weTheku, uKhansela Thabani Nyawose, uthe uMkhandlu ulahlekelwe kakhulu ngumuntu obemele umphakathi obezinikele.

“Ukhansela uBiyela ukhombise isimilo nokulangazelela ukuthola ulwazi mayelana nezinhlelo zoMkhandlu ukuze asebenzele kangcono isifunda sakhe,” kubeka uNyawose.

Uthe unesiqiniseko sokuthi umphakathi weTheku, abangani nomakhelwane bazoseka umndeni kulesisikhathi esinzima futhi bazoqinisekisa ukuthi uBiyela uthunyelwa ngesizotha.

UMasipala be usudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaBiyela, abangani, ozakwabo kwezombusazwe kanye nabahlali bakuWadi 110.

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.