Inkampani ehlinzeka ngamanzi ngobuningi kuMasipala weTheku, uMngeni-uThukela Water(UWW), ihlangabezane nenkinga yobuchwepheshe kumaphampu awo ahlinzeka ngeDurban Heights Treatment Works, ephakela izindawo eziningi kuMasipala.

Njengamanje i-UWW ilungisa amaphampu athintekile. Umsebenzi wokulungisa kulindeleke ukuba uphothulwe ngoLwesine, 8 Okthoba. Okwamanje, ukungasebenzi kahle kwezobuchwepheshe kuholele ekwehleni kokugeleza kwamanzi angenayo eDolobheni, njengoba iTheku linikezwa amanzi alinganiselwa kuma-megalitha angama-50 ngosuku.

Ukuncishiswa kwamanzi kulindeleke ukuthi kuphazamise izindawo ezihlinzekwa ngeNorthern Aqueduct kanye neMount Moriah Reservoir ephakela iPinetown, kanye nezindawo ezizungezile.

Izakhamizi kulezi zindawo zingase zithole ukuncipha kokutholakala kwamanzi njengoba iDolobha lilawula umthelela wokuncipha kokuhlinzekwa kwamanzi ngobuningi.

Izakhamizi ezisezindaweni ezikhahlamezekile neziseduze ziyanxuswa ukuthi zisebenzise amanzi ngokuwonga futhi zigweme ukumoshwa kwamanzi kungenasidingo. Lokhu kuzosiza iDolobha ekulawuleni imithombo yamanzi etholakalayo futhi, okubaluleke kakhulu, ukuvimbela amadamu ukuthi aphele.

IDolobha lisiqaphe ngeso lokhozi isimo futhi lizoqhubeka nokuhlinzeka ngolwazi njengoba ulwazi oluthe xaxa lutholakala eMngeni-uThukela Water.

UMasipala uyaxolisa ngokuphazamiseka okudalwe wukwehla kwamanzi.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi, amalungu omphakathi angadawuniloda i-app ephathwayo kaMasipala weTheku ukuze ubike amaphutha.

Abahlali bangathumela nomlayezo kaWhatsApp ku-073 1483 477, bashayele inombolo yamahhala ethi 080 311 1111, noma bathumele i-email ethi Services@durban.gov.za. #ethekwinimunicipality #umngeniuthukelawater

Stay Updated with BT News

Get the latest community stories, traffic updates, and important local news delivered straight to your inbox.