UNgqongqoshe wezeMfundo uButi Manamela uzume iCoastal TVET College eselokishini laseMlazi esifundazweni sakwaZulu-Natal

UNgqongqoshe wezeMfundo esemaZingeni aPhakeme, uButi Manamela utheleke engalindelwe eKZN Coastal TVET College kwaBB eMlazi nokungokwesithathu evakashela amaTVET kusukela ngesonto elidlule. UManamela wenza lokhu ukuqinisekisa ukuthi lamakolishi amTVET ayazifeza izinjongo zawo ezibalulekile kwazise kuqalwa uhlelo lokuguquka kokuthuthukiswa kwamakhono nathe loluhlelo luyinto ebaluleke kakhulu ukuthi lamakolishi abe yingxenye yalo ukuze luphumelele. Kungekudala uManamela ubehambele eCentral Johannesburg TVET […]

Silence Speaks: Standing Together Against GBV

IDurban University of Technology ivale inyanga yabesifazane ngomyalezo wobumbano ukulwisana neGender-Based Violence (GBV) ngemashi njengengxenye yohlelo we 12th Annual Silence Protest March. Loluhlelo belubanjelwe eFred Crookes Sport Centre eSteve Biko campus ngemuva kokuba abasebenzi kanye nabafundi baseThekwini naseMidlands bemashe kuSteve Biko road ngaphansi kwesiqubulo esithi “Silence Speaks: Standing Together Against GBV”

Ushiye ifa elingasoze laphela

UDkt Manyane Makua oyiSenior Director kwiLearning and Teaching Development Centre (LTDC) eMangosuthu University of Technology (MUT) ukhumbule uMnuz Cebo Nyondo njengomuntu obambe iqhaza elibalulekile kwintuthuko nekusasa lale nyuvesiUKUSHONA kukaCebo Nyondo, obengomunye wabasebenzi ababalulekile eMangosuthu University of Technology (MUT), kushiye ozakwabo, abaphathi kanye nabangani bekhungathekile, kuchazwa impilo yakhe njengaleyo egcwele ukwethembeka, ukusebenza ngokuzikhandla nobuholi.UDkt Manyane Makua, […]

Hollywood Foundation 2026 Future is Bright Bursary isivuliwe

Abakwa Hollywood Foundation sebekhiphe isimemezelo sokugcina sokungenela I Future is Bright Bursary ezovalwa zingu 3 kuSeptember walonyaka. Lomfundaze usiza abafundi ababhalisele izifundo ezilandelayo:Information TechnologyFinance and AccountingBCom LawMedia and CommunicationsSupply Chain and Logistics ManagementBusiness ManagementData ScienceArchitectural DesignGraphic DesignProject ManagementHuman Resource ManagementMarketing okubalwa ne Digital Marketing and Communications Ngeminye imininingwane kungavakashelwa kule link https://hollywoodfoundation.co.za/bursary-recipients/future-is-bright-bursary-campaign/

AYEHLISWE INGCINDEZI KUBAFUNDI

UDkt. Ndumiso Ncobela, ofundisa eMangosuthu University of Technology, uthe ziningi izingqinamba abafundi ababhekana nazo ezingaxazululwa ekubeni nomthelela kwimiphumela yabafundi. Uthe akubhekwe futhi kubekwe abafundi phambili, kubekwe uhlobo lwabafundi, imvelaphi yawo kanye nezingqinamba ababhekana nazo usuku ngosuku kungabekwa phambili izifundo. Uthe akusizi ukufaka ingcindezi yomsebenzi wesikole kubafundi ekubeni kungabhekwanga ukuthi bangasizwa ngani ukuze bakwazi ukufunda nokwenza […]

UCASSIM UFUNA KUTHATHWE IZINYATHELO EZIPHUTHUMAYO NGOKUBAMBEZELEKA KWEZIMALI ZE-NSFAS E-UNISA

IPhini likaNgqongqoshe Wezemfundo EphakemeNokuqeqeshwa, uYusuf Cassim, selinikelengokusemthethweni kubaphathi beNyuvesi yaseNingizimuAfrika (Unisa) izikhalo nemibuzo ebhalwe phansi etholwekubafundi bale nyuvesi.   Lezi zikhalo zigqamisa ukukhathazeka ngokubambezelekakokukhokhwa kwesibonelelo se-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) esibizwa nge-Personal Care Allowance, kanye nokuyekiswa kwesibonelelo sedathayanyanga zonke.   Izikhalo ezathunyelwa nge-Helpdesk yePhinilikaNgqongqoshe ziveze ukungagculiseki kwabafundiabaningi ngenxa yokubambezeleka kokukhokhwakwesibonelelo sangoJulayi, kanye nezinselelo eziqhubekayozokutholakala […]